Ukuvuma usebenzi wedlozi noma isthunywa
akukho nzima ukuvuma idlozi noma isthunywa kodwa uma wenza loko abakuvezela kona ngamaphupho loko kusho ukuthi uyawamukela umsebenzi. uzovelwa ibo uvuma kanjani, uma uphupha udla ukhamba lesthunywa ngokuludlwa kwakho kusho ukuthi uyawuthatha umsebenzi.
futhi waqala wenza abakushoyo nabo bazobuya baveze ukuthi wenza ngakho noma uyageja yini.
kwabanye kudingeka kuhlatswe izilwane ezithile ukuze kuphelele ukuvuma kwabo. futhi nazo lezolwane zihamba nempande ethize eqondene nesphiwo sakho. ilapho osufaka khona ubuhlalu obuthize obuveza ukuthi sekunegaze elichithekile phezukwakho. eliyisifungo kuwena.
impilo yakho endala yonke isala ngemunva, noma ngabe inhliziyo yakho izafisa. uma usenamahhloni okwenza izinto ozithunywa abadala loko kusho ukuthi umoya wakho awakavumi ngokuphelele.
futhi uma usuvumile loko kusho ukuthi sekumele uhlale uhlanzekile njalo.
kodwa kubalulekile ukuhlambulula imimoya yakho kuqala kande uvume umsebenzi, khona nabo bezovula izinto zakho bese beyakulekelela ohambweni lwakho. umabengcolile bangakuthwasisa ngisho kumuntu othwele ungazi, ubone izinto sezimosheka nje. ukuthi uye endaweni engafanele.
ikakhulu kazi labo abaneziphiwo azazinikwe abathile bangazamukela baze bashona. labo bantu badinga ukugezwa kuqala mande kuvunywe isphiwo abakunikaso. ukugeza kuvimba namadlozi amambi akini, ukuthi angavukwa umona mase ehliphiza isphiwo sakho.
khumbula akuwena ozobe elapha kodwa ilabo abakupha isphiwo futhi ibona abazohlambulula abantu ngalene kwelaka moya. ingakho kubalulekile ukuthi nabobabe clean khona bezokwazi ukugeza abantu kahle ngendlela.
ukuvuma kwakho umsebenzi akusho ukuthi usuzoqala ukusebenza njalo, kokunye nje bazodinga ukuthi uqala ulungise inkinga ezikuwe nezisemsamu wakini kuqala. kungaphela iminyaka ungakasebenzi kodwa kusalungiswa wena nezinkinga zakini.
abanye balivuma ngomlomo nje uwodwa baguqe baphahla bakhulume nabadala bancenge bese belindela izimpendulo kubona ukuthi isiphi isigaba esilandelayo.
ukuqoka amabhayi ngaphandle kwenvume yabadala loko akusho ukuthi usuwuvumile umusebenzi. ngoba ngisho bangakukhombisa ijazi ulithunge uma ungalibikile ngendlela kubona mase kusho bona enzani ngalo.
nalopho bakuthatha njengomuntu ongavumi abakushoyo.
yonke into iyabikwa kubo ukuze ikusebenzele ngendlela ekuyiyo.
nesithunywa kanjalo uyasivuma ngokwenza loko okuqondena naso, njongo kudla ukhamba laso, ukukhuleka ngezikhathi zaso. ukungena ebandleni elihambisana naso, ukuzila uhambe izintaba kanjalo kanjalo.
uma ukhonjiswa impahla ungazithungi uyafana nomuntu onqaba isphiwo.
akasibheka izinto ezingenzeka kuwe uma ungavumi umsenzi wabadala.
uzoba ngumuntu ohlale gula, amazinyo amahlombe amadlebe uphinde ube umuntu okhohlwa kakhulu.
uma okhona abangadlulisa isphiwo kuye, wena uyashona ngoba ngeke bamnike isipho sakho wena usaphila.
kokuye bazothatha konke okuyigugu kuwena, usale ubalisa. bakufaake nasezingozini badedele nezitha phezukwakho.
okubuhlungu kuzoqela ngisho abantu abawusizo kuwena mase usala uhlupheka nje kakhulu futhi.
kodwa kulala ekuthenini abafuna ukwenze kukhulu kangakanini, uma sike sakhona isangoma ekhaya. kuncane wena okumele ukulungise, nezinkinga zakho zizoba ncane. kodwa uma usizi abakulo lulukhulu nemphi phezukwakho izoba njalo futhi.
washona amacala akho ilapho khona esewela ezinganeni zakho.
futhi kukhona abazokwazi ukukusiza ohambweni lakho, mase kuthi labo abangcole kakhulu cha badinga ubalungise kuqala. mande babe usizo kuwena.
okubi abelaphi abanendaba nosizi abantu abakini abaphezukwalo, kodwa banaka ukuthi wena uzoba nani waziza abantu bakini. bese bavukwa umona bangafuni ukuthi usizakala.
#idlozi
#umsamo
Join our whatsapp group
Also on facebook
Related posts:
(FDA WARNING!!!) THROW AWAY YOUR POTS AND PANS ASAP!!!
Billy Carson, explains where humans come from #4biddenknowledge #history #religion #alien #bible
ALLIGATOR PEPPER IS A SPIRIT
The Mental Illness of White Racism by Dr Llaila Afrika
CRY- OUT! SOUTH AFRICA / 11 March 2024 ( SOUND after 1.5 minute!!!!)
Kevin Gates Talks Spirituality And Raising Your Vibrations
--CopyRights: https://heruinterface.com/ukuvuma-usebenzi-wedlozi-noma-isthunywa/

@user-kb9sm9wj7p
2 years agoSiyathokoza mkhulu ngezincazelo bengicela ukubuza ukt uma uke wanikwa isembatho ephusheni wangaba nendlela yokusithola ngenxa yamandla kwahamba isikhathi bakunika omunye umbala bathi kuyaphuthuma ngesikhathi sewuyakhona ukuwuthatha bese uyawutha ngb kuthiwa kuyaphuthuma so kusamukelekile na ukt uzame ukuthola lowaya mmbala wesembatho abakunike wona kuqala
@MelusiMdlalose
2 years agoAmen🙏
@shirleysamela2902
2 years agoThokoza mkhulu siyabonga 🙏🏿🙏🏿
@zandilenkambule3834
2 years agoNgiyakhule emakhosini yey mkhulu udaba nodaba oluchazayo ngiyathinteka kulo sengifisa noku fika esigohlweni sakho😭
@queenkunene993
2 years agoThokoza mkhulu
@mandlantsele8785
2 years agoUkuluma ngami laa… straight 😊
@SkhonaSimelane
2 years agoMkhulu ubusiseke kakhulu Ngyabonga 😢
@msawenkosinyuswa6417
2 years agoYimina Nkosi yam ave sengikhohlwa
@lindelwasweetness1003
2 years agomkhulu ngiyabonga kakhulu , ngicela ukubuza mkhulu kugcazani mangabe utshelwa okumele ukusebenzise ephupheni mase uvuka ekuseni usukhohliwe ingabe kwenziwa yhin
@siveu
2 years agoNgiyabonga mkhuku ngencazelo yakho, it makes sense kimi manje. Ngizolinda ngikhululekile manje
@user-qb8hd5fi3z
2 years agoYoo mzali yitsho uphinda kunjalo phofu mntu lowo camagu❤❤
@nonhlanhlavuyelwa5468
2 years agoCamagu mkhulu kodwa solungisa siyabonga ukusivula khanda kodwa besingenalo ulwazi sithole abantu ababheke imali
@ntokozogoqo8742
2 years agoMkhulu ngyabonga ngezimfundiso, kuwowonke ama channel nama video esengiwabonile ngawalalela awakho akhuluma sengathi ubhekise kimi straight. Ungathi wazi imibuzi yami ngoba ukhuluma konke okungikhulisayo ngivuleka amehlo. Thokoza Mkhulu🙏🕯 Makwande🙏
@DeoNtombela-vw2xh
2 years agoMkhulu ngicela kubuza kuthi liyavunyelwa yini idlozi emfuleni Uma ungakabi nekhaya
@nomsaaphane5021
2 years agoAmen 🙏Mkhulu
Yazi iyona lenkinga engihlangabezana naye ngizozwa sebebabaza imali nemfuyo engizobanayo emvakwa lokho kuvele kubhede kakhulu ngimangale ngoba mina ngaleso skhathi angiyiboni lemali 🙆 hai siyagilwa kodwa ngenxa yomona …..
Makwande Mkhulu siyabonga ukuhlakanipha nobuhlakani osipha lona
INKOSI MAYIBUSISE AMENI🕯️🕯️🕯️🕯️🙏
@nomfundonxele1513
2 years agoAmen,ey umuntu ukhanyiseleka entweni eziningi yoh
@callinangwenya1051
2 years agoNgiphuphe ngihamba langiyakhona kukude mangifika ngithole umama athi sihlale phansi asuchazele ukuthi lomuthi azosinika wona strong so mele sidle sidle ke masesiqedile asithele lomuthi emlonyeni uwukhfaka ngomlomo wakhe
@user-cm9yj6gu9q
2 years agoAyi uyindlondlo enophaphe khanda amen
@mabuyiprecious9191
2 years agoIgezwa kanjan mkhulu imimoya nokuthi sivunwa kanjani isphiwo sabantu abadala
@SceloMashiwa
2 years ago❤❤
@luckytau6331
2 years agoOmg, 😳 I'm loving the depth in this.🤞👏🏾👏🏾👏🏾 Saze samnandi isintu madoda. Syabonga!🙏