HERU

Home > spiritual, Spiritual Herbs, Video > Ukuvuma usebenzi wedlozi noma isthunywa

Ukuvuma usebenzi wedlozi noma isthunywa

May 2024 23



akukho nzima ukuvuma idlozi noma isthunywa kodwa uma wenza loko abakuvezela kona ngamaphupho loko kusho ukuthi uyawamukela umsebenzi. uzovelwa ibo uvuma kanjani, uma uphupha udla ukhamba lesthunywa ngokuludlwa kwakho kusho ukuthi uyawuthatha umsebenzi.
futhi waqala wenza abakushoyo nabo bazobuya baveze ukuthi wenza ngakho noma uyageja yini.

kwabanye kudingeka kuhlatswe izilwane ezithile ukuze kuphelele ukuvuma kwabo. futhi nazo lezolwane zihamba nempande ethize eqondene nesphiwo sakho. ilapho osufaka khona ubuhlalu obuthize obuveza ukuthi sekunegaze elichithekile phezukwakho. eliyisifungo kuwena.

impilo yakho endala yonke isala ngemunva, noma ngabe inhliziyo yakho izafisa. uma usenamahhloni okwenza izinto ozithunywa abadala loko kusho ukuthi umoya wakho awakavumi ngokuphelele.
futhi uma usuvumile loko kusho ukuthi sekumele uhlale uhlanzekile njalo.
kodwa kubalulekile ukuhlambulula imimoya yakho kuqala kande uvume umsebenzi, khona nabo bezovula izinto zakho bese beyakulekelela ohambweni lwakho. umabengcolile bangakuthwasisa ngisho kumuntu othwele ungazi, ubone izinto sezimosheka nje. ukuthi uye endaweni engafanele.

ikakhulu kazi labo abaneziphiwo azazinikwe abathile bangazamukela baze bashona. labo bantu badinga ukugezwa kuqala mande kuvunywe isphiwo abakunikaso. ukugeza kuvimba namadlozi amambi akini, ukuthi angavukwa umona mase ehliphiza isphiwo sakho.

khumbula akuwena ozobe elapha kodwa ilabo abakupha isphiwo futhi ibona abazohlambulula abantu ngalene kwelaka moya. ingakho kubalulekile ukuthi nabobabe clean khona bezokwazi ukugeza abantu kahle ngendlela.

ukuvuma kwakho umsebenzi akusho ukuthi usuzoqala ukusebenza njalo, kokunye nje bazodinga ukuthi uqala ulungise inkinga ezikuwe nezisemsamu wakini kuqala. kungaphela iminyaka ungakasebenzi kodwa kusalungiswa wena nezinkinga zakini.

abanye balivuma ngomlomo nje uwodwa baguqe baphahla bakhulume nabadala bancenge bese belindela izimpendulo kubona ukuthi isiphi isigaba esilandelayo.
ukuqoka amabhayi ngaphandle kwenvume yabadala loko akusho ukuthi usuwuvumile umusebenzi. ngoba ngisho bangakukhombisa ijazi ulithunge uma ungalibikile ngendlela kubona mase kusho bona enzani ngalo.

nalopho bakuthatha njengomuntu ongavumi abakushoyo.
yonke into iyabikwa kubo ukuze ikusebenzele ngendlela ekuyiyo.
nesithunywa kanjalo uyasivuma ngokwenza loko okuqondena naso, njongo kudla ukhamba laso, ukukhuleka ngezikhathi zaso. ukungena ebandleni elihambisana naso, ukuzila uhambe izintaba kanjalo kanjalo.

uma ukhonjiswa impahla ungazithungi uyafana nomuntu onqaba isphiwo.

akasibheka izinto ezingenzeka kuwe uma ungavumi umsenzi wabadala.

uzoba ngumuntu ohlale gula, amazinyo amahlombe amadlebe uphinde ube umuntu okhohlwa kakhulu.
uma okhona abangadlulisa isphiwo kuye, wena uyashona ngoba ngeke bamnike isipho sakho wena usaphila.
kokuye bazothatha konke okuyigugu kuwena, usale ubalisa. bakufaake nasezingozini badedele nezitha phezukwakho.
okubuhlungu kuzoqela ngisho abantu abawusizo kuwena mase usala uhlupheka nje kakhulu futhi.

kodwa kulala ekuthenini abafuna ukwenze kukhulu kangakanini, uma sike sakhona isangoma ekhaya. kuncane wena okumele ukulungise, nezinkinga zakho zizoba ncane. kodwa uma usizi abakulo lulukhulu nemphi phezukwakho izoba njalo futhi.

washona amacala akho ilapho khona esewela ezinganeni zakho.
futhi kukhona abazokwazi ukukusiza ohambweni lakho, mase kuthi labo abangcole kakhulu cha badinga ubalungise kuqala. mande babe usizo kuwena.

okubi abelaphi abanendaba nosizi abantu abakini abaphezukwalo, kodwa banaka ukuthi wena uzoba nani waziza abantu bakini. bese bavukwa umona bangafuni ukuthi usizakala.
#idlozi
#umsamo
Join our whatsapp group

Also on facebook

source

--CopyRights: https://heruinterface.com/ukuvuma-usebenzi-wedlozi-noma-isthunywa/

21 Comments

  1. #1

    Siyathokoza mkhulu ngezincazelo bengicela ukubuza ukt uma uke wanikwa isembatho ephusheni wangaba nendlela yokusithola ngenxa yamandla kwahamba isikhathi bakunika omunye umbala bathi kuyaphuthuma ngesikhathi sewuyakhona ukuwuthatha bese uyawutha ngb kuthiwa kuyaphuthuma so kusamukelekile na ukt uzame ukuthola lowaya mmbala wesembatho abakunike wona kuqala

  2. #2
  3. #3

    Thokoza mkhulu siyabonga 🙏🏿🙏🏿

  4. #4

    Ngiyakhule emakhosini yey mkhulu udaba nodaba oluchazayo ngiyathinteka kulo sengifisa noku fika esigohlweni sakho😭

  5. #5

    Thokoza mkhulu

  6. #6

    Ukuluma ngami laa… straight 😊

  7. #7

    Mkhulu ubusiseke kakhulu Ngyabonga 😢

  8. #8

    Yimina Nkosi yam ave sengikhohlwa

  9. #9

    mkhulu ngiyabonga kakhulu , ngicela ukubuza mkhulu kugcazani mangabe utshelwa okumele ukusebenzise ephupheni mase uvuka ekuseni usukhohliwe ingabe kwenziwa yhin

  10. #10

    Ngiyabonga mkhuku ngencazelo yakho, it makes sense kimi manje. Ngizolinda ngikhululekile manje

  11. #11

    Yoo mzali yitsho uphinda kunjalo phofu mntu lowo camagu❤❤

  12. #12

    Camagu mkhulu kodwa solungisa siyabonga ukusivula khanda kodwa besingenalo ulwazi sithole abantu ababheke imali

  13. #13

    Mkhulu ngyabonga ngezimfundiso, kuwowonke ama channel nama video esengiwabonile ngawalalela awakho akhuluma sengathi ubhekise kimi straight. Ungathi wazi imibuzi yami ngoba ukhuluma konke okungikhulisayo ngivuleka amehlo. Thokoza Mkhulu🙏🕯 Makwande🙏

  14. #14

    Mkhulu ngicela kubuza kuthi liyavunyelwa yini idlozi emfuleni Uma ungakabi nekhaya

  15. #15

    Amen 🙏Mkhulu
    Yazi iyona lenkinga engihlangabezana naye ngizozwa sebebabaza imali nemfuyo engizobanayo emvakwa lokho kuvele kubhede kakhulu ngimangale ngoba mina ngaleso skhathi angiyiboni lemali 🙆 hai siyagilwa kodwa ngenxa yomona …..
    Makwande Mkhulu siyabonga ukuhlakanipha nobuhlakani osipha lona
    INKOSI MAYIBUSISE AMENI🕯️🕯️🕯️🕯️🙏

  16. #16

    Amen,ey umuntu ukhanyiseleka entweni eziningi yoh

  17. #17

    Ngiphuphe ngihamba langiyakhona kukude mangifika ngithole umama athi sihlale phansi asuchazele ukuthi lomuthi azosinika wona strong so mele sidle sidle ke masesiqedile asithele lomuthi emlonyeni uwukhfaka ngomlomo wakhe

  18. #18

    Ayi uyindlondlo enophaphe khanda amen

  19. #19

    Igezwa kanjan mkhulu imimoya nokuthi sivunwa kanjani isphiwo sabantu abadala

  20. #20
  21. #21

    Omg, 😳 I'm loving the depth in this.🤞👏🏾👏🏾👏🏾 Saze samnandi isintu madoda. Syabonga!🙏

  22. Leave a Reply

    Welcome (Toggle)

    (required)